50. Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami,ngokuba izwi lakho lingiphilisile.
51. Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu,kepha emthethweni wakho angichezuki.
52. Ngiyakhumbula izahlulelo zakho zasendulo, Jehova;ngiyaduduzeka.
53. Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababiabashiya umthetho wakho.
54. Zaba yizihlabelelo kimina izimiso zakhoendlini yokugogobala kwami.
55. Ebusuku ngikhumbula igama lakho,Jehova, ngigcina umthetho wakho.
56. Lokhu kwaba ngokwami,ngokuba ngagcina iziyalezo zakho.
57. UJehova uyisabelo sami;ngithi ngiyakugcina amazwi akho.
58. Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke;yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho.
59. Ngizindla ngezindlela zami,ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho.
60. Ngiyashesha,angilibali ukugcina imiyalo yakho.
61. Izintambo zababi ziyangizungeza,kepha angikhohlwa umthetho wakho.
62. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubongengenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo.
63. Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo,abagcina iziyalezo zakho.