Amahubo 119:33-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Ngitshengise, Jehova,indlela yezimiso zakho;ngiyakuyigcina kuze kube sekupheleni.

34. Ngiphe ingqondo, ukuze ngiqaphele umthetho wakho,ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.

35. Ngihambise endleleni yemiyalo yakho,ngokuba ngiyathokoza ngayo.

36. Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho,kungabi sekuhaheni.

37. Phendula amehlo ami,angaboni okuyize,ungiphilise endleleni yakho.

38. Yigcwalise encekwini yakho inkulumo yakhoeyenza ukuba wesatshwe.

39. Dlulisa isihlamba engisesabayo,ngokuba izahlulelo zakho zinhle.

40. Bheka, ngiyalangazelela iziyalezo zakho;ngiphilise ngokulunga kwakho.

41. Mawuze kimi umusa wakho, Jehova,insindiso yakho ngokwezwi lakho.

42. Khona ngiyakumphendula ongithukayo,ngokuba ngiyalethemba izwi lakho.

43. Ungalisusi emlonyeni wami ngokupheleleyo izwi leqiniso,ngokuba ngiyethemba izahlulelo zakho.

44. Khona ngiyakuwugcina njalo umthetho wakho,yebo, kuze kube phakade.

Amahubo 119