Amahubo 119:166-176 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

166. Ngiyethemba insindiso yakho, Jehova;imiyalo yakho ngiyayenza.

167. Umphefumulo wami uyagcina ubufakazi bakho;ngiyabuthanda kakhulu.

168. Ngiyagcina iziyalezo zakho nobufakazi bakho,ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.

169. Ukukhala kwami makusondele ebusweni bakho, Jehova;ngiqondise ngokwezwi lakho.

170. Ukuncenga kwami makuze ebusweni bakho;ngihlenge ngokwezwi lakho.

171. Umlomo wami mawuchichime indumiso,ngokuba uyangifundisa izimiso zakho.

172. Ulimi lwami malukhulume izwi lakho,ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile.

173. Isandla sakho masibe lusizo kimi,ngokuba ngikhethile iziyalezo zakho.

174. Ngiyalangazelela insindiso yakho, Jehova;umthetho wakho uyintokozo yami.

175. Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise;izahlulelo zakho mazingisize.

176. Ngiyaduka njengemvu elahlekileyo;funa inceku yakho,ngokuba angikhohlwa imiyalo yakho.

Amahubo 119