153. Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule,ngokuba angikhohlwa umthetho wakho.
154. Mela indaba yami, ungihlenge,ungiphilise ngokwezwi lakho.
155. Ukusindiswa kukude nababi,ngokuba abafuni izimiso zakho.
156. Ububele bakho, Jehova, bukhulu;ngiphilise ngokwezahlulelo zakho.
157. Abangizingelayo nabayizitha kimi baningi;kepha ebufakazini bakho angichezuki.
158. Lapho ngibona amambuka, ngiyadikibala,ngokuba awagcini izwi lakho.
159. Bheka ukuthi ngithanda kangaka iziyalezo zakho, Jehova;ngiphilise ngokomusa wakho.
160. Amazwi akho onke ayiqiniso;zonke izahlulelo zakho ezilungileyozimi kuze kube phakade.
161. Izikhulu ziyangizingela,kungekho sizathu,kepha inhliziyo yami iyesaba izwi lakho.
162. Ngithokoza ngezwi lakhonjengozuza impango enkulu.
163. Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya;umthetho wakho ngiyawuthanda.
164. Kasikhombisa ngosuku ngiyakudumisangezahlulelo zokulunga kwakho.
165. Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu;akukho sikhubekiso kubo.
166. Ngiyethemba insindiso yakho, Jehova;imiyalo yakho ngiyayenza.
167. Umphefumulo wami uyagcina ubufakazi bakho;ngiyabuthanda kakhulu.
168. Ngiyagcina iziyalezo zakho nobufakazi bakho,ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.
169. Ukukhala kwami makusondele ebusweni bakho, Jehova;ngiqondise ngokwezwi lakho.