Amahubo 119:137-152 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

137. Wena Jehova ulungile;izahlulelo zakho ziqotho.

138. Uyalezile ubufakazi bakho ngokulungangokuthembeka okukhulu.

139. Ukushisekela kwami kungidlile,ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho.

140. Izwi lakho licwebile kakhulu;ngalokho inceku yakho iyalithanda.

141. Ngimncane, ngidelelekile;iziyalezo zakho angizikhohlwa.

142. Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade;umthetho wakho uyiqiniso.

143. Ukuhlupheka nosizi kungehlele;imiyalo yakho iyintokozo yami.

144. Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade;ngiphe ukuqonda ukuba ngiphile.

145. Ngikhala ngenhliziyo yami yonke;ngizwe, Jehova;izimiso zakho ngiyakuzigcina.

146. Ngikhala kuwe, ngisindise;ngiyakugcina ubufakazi bakho.

147. Ngiyandulela uvivi lokusa ngikhala;ngiyethemba amazwi akho.

148. Amehlo ami ayandulela imilindo yobusukuukuba ngizindle ngezwi lakho.

149. Yizwa izwi lami ngokomusa wakho, Jehova,ungiphilise ngokwezahlulelo zakho.

150. Bayasondela abalandela ukonakala;bakude nomthetho wakho.

151. Wena Jehova useduze;imiyalo yakho yonke iyiqiniso.

152. Kudala ngazile ngobufakazi bakhoukuthi ubusekele kuze kube phakade.

Amahubo 119