133. Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;makungangibusi nobubodwa ububi.
134. Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu,ukuze ngigcine iziyalezo zakho.
135. Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho,ngifundise izimiso zakho.
136. Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami,ngokuba abagcini umthetho wakho.
137. Wena Jehova ulungile;izahlulelo zakho ziqotho.
138. Uyalezile ubufakazi bakho ngokulungangokuthembeka okukhulu.
139. Ukushisekela kwami kungidlile,ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho.
140. Izwi lakho licwebile kakhulu;ngalokho inceku yakho iyalithanda.
141. Ngimncane, ngidelelekile;iziyalezo zakho angizikhohlwa.
142. Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade;umthetho wakho uyiqiniso.
143. Ukuhlupheka nosizi kungehlele;imiyalo yakho iyintokozo yami.