Amahubo 119:125-143 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

125. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondoukuba ngazi ubufakazi bakho.

126. Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza,ngokuba bawenz' ize umthetho wakho.

127. Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide,yebo, kunegolide elicwengekileyo.

128. Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyaloyakho yonke ilungile;ngiyazonda zonke izindlela zamanga.

129. Ubufakazi bakho buyisimangaliso;ngalokho umphefumulo wami uyabugcina.

130. Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.

131. Ngivula umlomo wami, ngikhefuzela,ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho.

132. Bheka kimi, ube nomusa kiminjengokufanele abathanda igama lakho.

133. Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;makungangibusi nobubodwa ububi.

134. Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu,ukuze ngigcine iziyalezo zakho.

135. Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho,ngifundise izimiso zakho.

136. Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami,ngokuba abagcini umthetho wakho.

137. Wena Jehova ulungile;izahlulelo zakho ziqotho.

138. Uyalezile ubufakazi bakho ngokulungangokuthembeka okukhulu.

139. Ukushisekela kwami kungidlile,ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho.

140. Izwi lakho licwebile kakhulu;ngalokho inceku yakho iyalithanda.

141. Ngimncane, ngidelelekile;iziyalezo zakho angizikhohlwa.

142. Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade;umthetho wakho uyiqiniso.

143. Ukuhlupheka nosizi kungehlele;imiyalo yakho iyintokozo yami.

Amahubo 119