124. Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho,ungifundise izimiso zakho.
125. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondoukuba ngazi ubufakazi bakho.
126. Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza,ngokuba bawenz' ize umthetho wakho.
127. Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide,yebo, kunegolide elicwengekileyo.
128. Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyaloyakho yonke ilungile;ngiyazonda zonke izindlela zamanga.
129. Ubufakazi bakho buyisimangaliso;ngalokho umphefumulo wami uyabugcina.
130. Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.