Amahubo 119:119-130 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

119. Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva;ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho.

120. Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe,ngiyesaba izahlulelo zakho.

121. Ngiyenza ukwahlulela nokulunga;unganginikeli kubo abahluphi bami.

122. Mela inceku yakho kube kuhle;abazidlayo mabangangicindezeli.

123. Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakhonezwi lokulunga kwakho.

124. Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho,ungifundise izimiso zakho.

125. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondoukuba ngazi ubufakazi bakho.

126. Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza,ngokuba bawenz' ize umthetho wakho.

127. Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide,yebo, kunegolide elicwengekileyo.

128. Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyaloyakho yonke ilungile;ngiyazonda zonke izindlela zamanga.

129. Ubufakazi bakho buyisimangaliso;ngalokho umphefumulo wami uyabugcina.

130. Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.

Amahubo 119