116. Ngiphase ngokwezwi lakho,ukuze ngiphile,ngingajabhi ngethemba lami.
117. Ngisekele, ngize ngisindiswe,ngibheke njalo izimiso zakho.
118. Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho,ngokuba ubuqili babo buyize.
119. Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva;ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho.
120. Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe,ngiyesaba izahlulelo zakho.
121. Ngiyenza ukwahlulela nokulunga;unganginikeli kubo abahluphi bami.
122. Mela inceku yakho kube kuhle;abazidlayo mabangangicindezeli.
123. Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakhonezwi lokulunga kwakho.