113. Ngiyabazonda abanhliziyo mbili,kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.
114. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami;ngiyethemba izwi lakho.
115. Sukani kimi nina enenza okubi,ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami.
116. Ngiphase ngokwezwi lakho,ukuze ngiphile,ngingajabhi ngethemba lami.
117. Ngisekele, ngize ngisindiswe,ngibheke njalo izimiso zakho.
118. Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho,ngokuba ubuqili babo buyize.
119. Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva;ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho.
120. Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe,ngiyesaba izahlulelo zakho.
121. Ngiyenza ukwahlulela nokulunga;unganginikeli kubo abahluphi bami.
122. Mela inceku yakho kube kuhle;abazidlayo mabangangicindezeli.
123. Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakhonezwi lokulunga kwakho.
124. Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho,ungifundise izimiso zakho.
125. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondoukuba ngazi ubufakazi bakho.
126. Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza,ngokuba bawenz' ize umthetho wakho.
127. Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide,yebo, kunegolide elicwengekileyo.
128. Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyaloyakho yonke ilungile;ngiyazonda zonke izindlela zamanga.
129. Ubufakazi bakho buyisimangaliso;ngalokho umphefumulo wami uyabugcina.
130. Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.