Amahubo 119:106-121 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

106. Ngifungile;ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina.

107. Ngiyahlupheka kakhulu;Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho.

108. Jehova, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami,ungifundise izahlulelo zakho:

109. Umphefumulo wami usesandleni sami njalo;nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.

110. Ababi bangibekele ugibe,kepha angiduki eziyalezweni zakho.

111. Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade,ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami.

112. Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza izimiso zakho njalo,yebo, kuze kube sekupheleni.

113. Ngiyabazonda abanhliziyo mbili,kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.

114. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami;ngiyethemba izwi lakho.

115. Sukani kimi nina enenza okubi,ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami.

116. Ngiphase ngokwezwi lakho,ukuze ngiphile,ngingajabhi ngethemba lami.

117. Ngisekele, ngize ngisindiswe,ngibheke njalo izimiso zakho.

118. Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho,ngokuba ubuqili babo buyize.

119. Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva;ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho.

120. Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe,ngiyesaba izahlulelo zakho.

121. Ngiyenza ukwahlulela nokulunga;unganginikeli kubo abahluphi bami.

Amahubo 119