Amahubo 119:102-111 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

102. Ezahlulelweni zakho angichezuki,ngokuba wena uyangifundisa.

103. Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami;adlula izinyosi emlonyeni wami.

104. Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda;ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga.

105. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zaminokukhanya endleleni yami.

106. Ngifungile;ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina.

107. Ngiyahlupheka kakhulu;Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho.

108. Jehova, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami,ungifundise izahlulelo zakho:

109. Umphefumulo wami usesandleni sami njalo;nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.

110. Ababi bangibekele ugibe,kepha angiduki eziyalezweni zakho.

111. Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade,ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami.

Amahubo 119