Amahubo 119:100-104 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

100. Nginokuqonda kunabadala,ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.

101. Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi,ukuze ngigcine izwi lakho.

102. Ezahlulelweni zakho angichezuki,ngokuba wena uyangifundisa.

103. Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami;adlula izinyosi emlonyeni wami.

104. Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda;ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga.

Amahubo 119