1. Babusisiwe abaqotho endleleni,abahamba ngemithetho kaJehova.
2. Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe,abamfuna ngenhliziyo yonke,
3. abangenzi ukungalungi,kepha behamba ezindleleni zakhe;
4. wena usiyalezileukuba sizigcine ngokwempela.
5. Sengathi zingaqondiswa izindlela zamiukuba ngigcine izimiso zakho.
6. Khona angiyikujabha;ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho.
7. Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo,lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo.
8. Izimiso zakho ngiyakuzigcina;ungangishiyi nakanci.
9. Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?Ngokuqaphela okwezwi lakho.
10. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;mangingaphambuki emiyalweni yakho.
11. Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho,ukuze ngingoni kuwe.
12. Mawubongwe wena Jehova,ungifundise izimiso zakho.