Amahubo 118:17-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Angiyikufa, kepha ngiyakuphila,ngishumayele imisebenzi kaJehova.

18. UJehova wangilaya nokungilaya,kodwa akanginikelanga ekufeni.

19. Ngivuleleni amasango okulunga,ngingene ngawo,ngimdumise uJehova.

20. Yileli isango likaJehova;olungileyo uyakungena ngalo.

21. Ngiyakukudumisa,ngokuba ungizwile,waba yinsindiso yami.

22. Itshe abalinqabayo abakhiselaba yinhloko yegumbi.

23. Lona lavela kuJehova;liyisimangaliso emehlweni ethu.

24. Yilolu usuku alwenzileyo uJehova;siyakwethaba, sithokoze ngalo.

25. Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga;hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.

26. Makabusiswe ozayo egameni likaJehova;siyanibusisa sisendlini kaJehova.

27. UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele;hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.

28. Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakukubonga;Nkulunkulu wami, ngiyakukuphakamisa.

29. Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Amahubo 118