17. Angiyikufa, kepha ngiyakuphila,ngishumayele imisebenzi kaJehova.
18. UJehova wangilaya nokungilaya,kodwa akanginikelanga ekufeni.
19. Ngivuleleni amasango okulunga,ngingene ngawo,ngimdumise uJehova.
20. Yileli isango likaJehova;olungileyo uyakungena ngalo.
21. Ngiyakukudumisa,ngokuba ungizwile,waba yinsindiso yami.
22. Itshe abalinqabayo abakhiselaba yinhloko yegumbi.
23. Lona lavela kuJehova;liyisimangaliso emehlweni ethu.
24. Yilolu usuku alwenzileyo uJehova;siyakwethaba, sithokoze ngalo.
25. Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga;hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.
26. Makabusiswe ozayo egameni likaJehova;siyanibusisa sisendlini kaJehova.
27. UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele;hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.
28. Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakukubonga;Nkulunkulu wami, ngiyakukuphakamisa.
29. Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.