Amahubo 118:14-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. UJehova ungamandla ami nesihlabelelo sami,waba yinsindiso yami.

15. Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo;esokunene sikaJehova senza okwamandla.

16. Esokunene sikaJehova siphakeme,esokunene sikaJehova sisebenza ngamandla.

17. Angiyikufa, kepha ngiyakuphila,ngishumayele imisebenzi kaJehova.

18. UJehova wangilaya nokungilaya,kodwa akanginikelanga ekufeni.

19. Ngivuleleni amasango okulunga,ngingene ngawo,ngimdumise uJehova.

20. Yileli isango likaJehova;olungileyo uyakungena ngalo.

21. Ngiyakukudumisa,ngokuba ungizwile,waba yinsindiso yami.

22. Itshe abalinqabayo abakhiselaba yinhloko yegumbi.

23. Lona lavela kuJehova;liyisimangaliso emehlweni ethu.

Amahubo 118