12. Bayangibunganyela njengezinyosi,bacimeka njengomlilo wameva;egameni likaJehova ngiyakubachitha.
13. Bayangihlohloloza ukuba ngiwe,kepha uJehova uyangisiza.
14. UJehova ungamandla ami nesihlabelelo sami,waba yinsindiso yami.
15. Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo;esokunene sikaJehova senza okwamandla.