1. Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2. Makathi u-Israyeli:“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”
3. Mayithi indlu ka-Aroni:“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”
4. Mabathi abamesabayo uJehova:“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”
5. Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova,uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.
6. UJehova ungakimi, angiyikwesaba;umuntu angangenzani na?
7. UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo;ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.
8. Kuhle ukuphephela kuJehovakunokwethemba umuntu.
9. Kuhle ukuphephela kuJehovakunokwethemba izikhulu.