Amahubo 118:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2. Makathi u-Israyeli:“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

3. Mayithi indlu ka-Aroni:“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

4. Mabathi abamesabayo uJehova:“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

5. Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova,uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.

6. UJehova ungakimi, angiyikwesaba;umuntu angangenzani na?

7. UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo;ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.

8. Kuhle ukuphephela kuJehovakunokwethemba umuntu.

9. Kuhle ukuphephela kuJehovakunokwethemba izikhulu.

10. Bonke abezizwe bayangizungeza;egameni likaJehova ngiyakubachitha.

11. Bayangikaka, yebo, bayangizungeza;egameni likaJehova ngiyakubachitha.

Amahubo 118