13. Ngiyakuthatha indebe yensindiso,ngibize igama likaJehova.
14. Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa,yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke.
15. Kuyigugu emehlweni kaJehovaukufa kwabangcwele bakhe.
16. Ngiyinceku yakho impela, Jehova;ngiyinceku yakho,indodana yencekukazi yakho;uthukululile izintambo zami.
17. Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga,ngibize igama likaJehova.
18. Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisayebo, nasebusweni babantu bakhe bonke,
19. emagcekeni endlu kaJehova,phakathi kwakho, Jerusalema.Haleluya!