Amahubo 116:13-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Ngiyakuthatha indebe yensindiso,ngibize igama likaJehova.

14. Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa,yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke.

15. Kuyigugu emehlweni kaJehovaukufa kwabangcwele bakhe.

16. Ngiyinceku yakho impela, Jehova;ngiyinceku yakho,indodana yencekukazi yakho;uthukululile izintambo zami.

17. Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga,ngibize igama likaJehova.

18. Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisayebo, nasebusweni babantu bakhe bonke,

19. emagcekeni endlu kaJehova,phakathi kwakho, Jerusalema.Haleluya!

Amahubo 116