Amahubo 116:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngiyamthanda uJehova,ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.

2. Ngokuba ubekile indlebe kimingiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.

3. Izintambo zokufa zangizungeza,nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba;ngafumana ukuhlupheka nosizi.

4. Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi:“Ngiyakuncenga, Jehova,khulula umphefumulo wami.”

5. Unomusa uJehova, ulungile;uNkulunkulu wethu unobubele.

6. UJehova uyalondoloza ongenabuqili;ngithotshisiwe phansi wangisindisa.

7. Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami,ngokuba uJehova ukuphathe ngomusa.

8. Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni,amehlo ami ezinyembezini,nezinyawo zami ekuweni.

9. Ngiyakuhamba ebusweni bukaJehova ezweni labaphilayo.

10. Ngiyakholwa,ngalokho ngiyakhuluma;ngahlushwa kakhulu.

Amahubo 116