Amahubo 115:4-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Izithombe zabo ziyisiliva negolide,umsebenzi wezandla zomuntu.

5. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;amehlo zinawo, kepha aziboni.

6. Izindlebe zinazo, kepha azizwa;zinamakhala, kepha azihogeli.

7. Zinezandla, kepha aziphathi;zinezinyawo, kepha azihambi;azikhulumi ngomphimbo wazo.

8. Abazenzayo bayafana nazo,bonke abazethembayo.

9. Israyeli, themba kuJehova;yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

10. O wena ndlu ka-Aroni,themba kuJehova;yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

11. Nina enimesabayo uJehova thembani kuJehova;yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

12. UJehova usikhumbulile; uyakubusisa,abusise indlu ka-Israyeli,abusise indlu ka-Aroni.

13. Uyakubusisa abamesabayo uJehova,abancane nabakhulu.

14. UJehova uyakunandisa,nina nabantwana benu.

15. Manibe ngababusisiweyo bakaJehovaowenzile izulu nomhlaba.

Amahubo 115