Amahubo 115:13-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Uyakubusisa abamesabayo uJehova,abancane nabakhulu.

14. UJehova uyakunandisa,nina nabantwana benu.

15. Manibe ngababusisiweyo bakaJehovaowenzile izulu nomhlaba.

16. Izulu liyizulu likaJehova,kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.

17. Abafileyo abamdumnisi uJehova,qha, noyedwa kwabehlelayo ekuthuleni.

18. Kepha thina siyakumbonga uJehovakusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.Haleluya!

Amahubo 115