Amahubo 115:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ungasiphi thina, Jehova,ungasiphi thina,kepha uliphe igama lakho inkazimulongenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.

2. Abezizwe bayakusho ngani ukuthi:“Uphi manje uNkulunkulu wabo na?”

3. Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini;wenza konke akuthandayo.

4. Izithombe zabo ziyisiliva negolide,umsebenzi wezandla zomuntu.

5. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;amehlo zinawo, kepha aziboni.

6. Izindlebe zinazo, kepha azizwa;zinamakhala, kepha azihogeli.

7. Zinezandla, kepha aziphathi;zinezinyawo, kepha azihambi;azikhulumi ngomphimbo wazo.

8. Abazenzayo bayafana nazo,bonke abazethembayo.

9. Israyeli, themba kuJehova;yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

Amahubo 115