Amahubo 114:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ukuba u-Israyeli aphume eGibithe,indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi,

2. khona uJuda waba yindlu yakhe engcwele,u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.

3. Ulwandle lwakubona, lwabaleka,iJordani labuyiselwa emuva.

4. Izintaba zatshekula njengezinqama,amagquma njengamawundlu.

5. Unani wena lulwandle ukuba ubaleke,nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva,

Amahubo 114