1. Kwathi ukuba u-Israyeli aphume eGibithe,indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi,
2. khona uJuda waba yindlu yakhe engcwele,u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.
3. Ulwandle lwakubona, lwabaleka,iJordani labuyiselwa emuva.
4. Izintaba zatshekula njengezinqama,amagquma njengamawundlu.