Amahubo 109:19-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Makube kuye njengesambatho asembathayonebhande* azibopha ngalo isikhathi sonke.

20. Lokhu makube ngumvuzo wezitha, uvela kuJehova,nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.

21. Kepha wena Jehova, Nkosi yami,ngiphathe ngokwegama lakho;njengokuba umusa wakho ulungile,ngisindise.

22. Ngokuba ngingodingayo nompofu;inhliziyo yami ilimele phakathi kwami.

23. Njengethunzi eselilide ngiyamuka;njengesikhonyane ngiyapheshulwa.

24. Amadolo ami abuthakathaka ngokuzila ukudla,nomzimba wami uswele ukukhuluphala.

25. Futhi ngaba yisihlamba kubona;bengibheka banikina amakhanda abo.

26. Ngisize, Jehova Nkulunkulu wami,ngisindise ngokomusa wakho,

27. ukuze bazi ukuthi lokhu kuyisandla sakho;wena Jehova ukwenzile.

28. Mabathuke bona, wena ubusise;nxa bevuka, mabajabhe;kepha inceku yakho mayithokoze.

29. Abamelene nami mabembeswe amahloni,bagqoke ukujabha njengesambatho.

30. Ngiyakumbonga uJehova ngomlomo wami,ngimdumise esixukwini.

31. Ngokuba uyakuma ngakwesokunene sompofuukumsindisa kulabo abalahla umphefumulo wakhe.

Amahubo 109