16. Ngokuba wayengakhumbuli ukwenza umusa,kepha wazingela umuntu odingayo nompofunodabukile ngenhliziyo ukuba ababulale.
17. Wathanda ukuthuka,kweza phezu kwakhe;wayengathokozi ngesibusiso,sahlala kude naye.
18. Wagqoka ukuthuka njengesambatho,kwangena ezibilinini zakhe njengamanzi,nasemathanjeni akhe njengamafutha.
19. Makube kuye njengesambatho asembathayonebhande* azibopha ngalo isikhathi sonke.
20. Lokhu makube ngumvuzo wezitha, uvela kuJehova,nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.
21. Kepha wena Jehova, Nkosi yami,ngiphathe ngokwegama lakho;njengokuba umusa wakho ulungile,ngisindise.
22. Ngokuba ngingodingayo nompofu;inhliziyo yami ilimele phakathi kwami.
23. Njengethunzi eselilide ngiyamuka;njengesikhonyane ngiyapheshulwa.
24. Amadolo ami abuthakathaka ngokuzila ukudla,nomzimba wami uswele ukukhuluphala.
25. Futhi ngaba yisihlamba kubona;bengibheka banikina amakhanda abo.
26. Ngisize, Jehova Nkulunkulu wami,ngisindise ngokomusa wakho,
27. ukuze bazi ukuthi lokhu kuyisandla sakho;wena Jehova ukwenzile.