Amahubo 109:13-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Inzalo yakhe mayinqunywe;igama layo malesulwe esizukulwaneni esilandelayo.

14. Ububi bawoyise mabukhumbuleke kuJehova;masingesulwa isono sikanina.

15. Mabeme phambi kukaJehova njalo,kunqunywe isikhumbuzo sabo emhlabeni.

16. Ngokuba wayengakhumbuli ukwenza umusa,kepha wazingela umuntu odingayo nompofunodabukile ngenhliziyo ukuba ababulale.

17. Wathanda ukuthuka,kweza phezu kwakhe;wayengathokozi ngesibusiso,sahlala kude naye.

18. Wagqoka ukuthuka njengesambatho,kwangena ezibilinini zakhe njengamanzi,nasemathanjeni akhe njengamafutha.

19. Makube kuye njengesambatho asembathayonebhande* azibopha ngalo isikhathi sonke.

20. Lokhu makube ngumvuzo wezitha, uvela kuJehova,nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.

Amahubo 109