1. Ungathuli, Nkulunkulu wokubonga kwami.
2. Ngokuba umlomo womubi nomlomo wenkohliso bawuvulile ngakimi;bakhulumile ngami ngolimi lwamanga.
3. Bangizungeza ngamazwi enzondo;balwa nami, kungekho sizathu.
4. Ngenxa yothando lwami bayangizonda,mina ngisemkhulekweni njalo.
5. Bangibuyisele okubi ngokuhle,nenzondo ngothando lwami.
6. Beka omubi phezu kwakhe;makume omelene naye ngasesandleni sakhe sokunene.
7. Ekwahlulelweni kwakhe makalahlwe yicala;umkhuleko wakhe mawube yisono.
8. Izinsuku zakhe mazibe yingcosana,omunye athathe isikhundla sakhe.
9. Abantwana bakhe mababe yizintandane,umkakhe abe ngumfelokazi.