Amahubo 108:4-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwezulu,nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.

5. Phakama, Nkulunkulu,phezu kwezulu,inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.

6. Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe,sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.

7. UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi:“Ngiyakwethaba;ngiyakulidabula iShekemi,ngisilinganise isiGodi saseSukoti.

8. Ngowami uGileyadi,ngowami uManase;u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami,uJuda uyintonga yami yokubusa.

Amahubo 108