10. Ngubani oyakungiyisa emzini oyinqaba na?Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?
11. Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na?Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.
12. Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni,ngokuba ukusiza komuntu kuyize.
13. NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla;yena uyakunyathela phansi izitha zethu.