26. Bakhuphukela ezulwini,babuye behlela kuzo izintwa;umphefumulo wancibilika ngosizi.
27. Bayendayenda,bantengezela njengodakiweyo;konke ukuhlakanipha kwabo kwagwinywa.
28. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo,wabakhulula ezinsizini zabo.
29. Wathulisa isiphepho,kwaze kwaba ngukuthula,kwathula namadlambi olwandle.
30. Base bethokoza, ngokuba kwaba ngukuthula;wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.
31. Mababonge uJehova ngomusa wakhenangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
32. Mabamphakamise ebandleni labantu,bamdumise emhlanganweni wamalunga.
33. Imifula wayiphendula ihlane,nemithombo yamanzi isigagadu,
34. nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawotingenxa yobubi babahlezi khona.
35. Ihlane waliphendula amachibi amanzi,nomhlabathi owomileyo imithombo yamanzi.
36. Wabahlalisa khona abalambileyo,bakha khona umuzi wokuhlala.
37. Balima amasimu, batshala isivini,kwabathelela izithelo.
38. Wababusisa, banda kakhulu,akanciphisa izinkomo zabo.