Amahubo 107:26-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Bakhuphukela ezulwini,babuye behlela kuzo izintwa;umphefumulo wancibilika ngosizi.

27. Bayendayenda,bantengezela njengodakiweyo;konke ukuhlakanipha kwabo kwagwinywa.

28. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo,wabakhulula ezinsizini zabo.

29. Wathulisa isiphepho,kwaze kwaba ngukuthula,kwathula namadlambi olwandle.

30. Base bethokoza, ngokuba kwaba ngukuthula;wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.

31. Mababonge uJehova ngomusa wakhenangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.

32. Mabamphakamise ebandleni labantu,bamdumise emhlanganweni wamalunga.

Amahubo 107