25. Ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphephoowaphakamisa amadlambi olwandle.
26. Bakhuphukela ezulwini,babuye behlela kuzo izintwa;umphefumulo wancibilika ngosizi.
27. Bayendayenda,bantengezela njengodakiweyo;konke ukuhlakanipha kwabo kwagwinywa.
28. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo,wabakhulula ezinsizini zabo.
29. Wathulisa isiphepho,kwaze kwaba ngukuthula,kwathula namadlambi olwandle.
30. Base bethokoza, ngokuba kwaba ngukuthula;wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.