Amahubo 107:14-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa,wagqabula izibopho zabo.

15. Mababonge uJehova ngomusa wakhenangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.

16. Ngokuba waphulile amasango ethusi,wanquma imigoqo yensimbi.

17. Babe yizithutha ngenxa yeziphambeko zabo;ngenxa yobubi babo babehlushwa.

18. Umphefumulo wabo wenyanya konke ukudla;basondela emasangweni okufa.

19. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo;wabakhulula ezinsizini zabo.

20. Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa,wabakhulula emathuneni abo.

21. Mababonge uJehova ngomusa wakhe,nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.

Amahubo 107