14. Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa,wagqabula izibopho zabo.
15. Mababonge uJehova ngomusa wakhenangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
16. Ngokuba waphulile amasango ethusi,wanquma imigoqo yensimbi.
17. Babe yizithutha ngenxa yeziphambeko zabo;ngenxa yobubi babo babehlushwa.
18. Umphefumulo wabo wenyanya konke ukudla;basondela emasangweni okufa.
19. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo;wabakhulula ezinsizini zabo.
20. Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa,wabakhulula emathuneni abo.
21. Mababonge uJehova ngomusa wakhe,nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.