Amahubo 107:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2. Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova,abahlengileyo esandleni sesitha;

3. wababutha emazweni,empumalanga nasentshonalanga,enyakatho naselwandle.

4. Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi,abafumananga umuzi wokuhlala.

5. Belambile, bomile,umphefumulo wabo waphela amandla phakathi kwabo.

6. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo;wabakhulula ezinsizini zabo.

7. Wabahola ngendlela elungileyoukuba baye emzini wokuhlala.

Amahubo 107