1. Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2. Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova,abahlengileyo esandleni sesitha;
3. wababutha emazweni,empumalanga nasentshonalanga,enyakatho naselwandle.
4. Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi,abafumananga umuzi wokuhlala.
5. Belambile, bomile,umphefumulo wabo waphela amandla phakathi kwabo.
6. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo;wabakhulula ezinsizini zabo.
7. Wabahola ngendlela elungileyoukuba baye emzini wokuhlala.