1. Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2. Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova,abahlengileyo esandleni sesitha;
3. wababutha emazweni,empumalanga nasentshonalanga,enyakatho naselwandle.
4. Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi,abafumananga umuzi wokuhlala.
5. Belambile, bomile,umphefumulo wabo waphela amandla phakathi kwabo.
6. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo;wabakhulula ezinsizini zabo.
7. Wabahola ngendlela elungileyoukuba baye emzini wokuhlala.
8. Mababonge uJehova ngomusa wakhenezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
9. Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo;umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.
10. Babehlezi ebumnyameni nasethunzini lokufabeboshiwe osizini nasensimbini,