Amahubo 106:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha;wabaholela ekujuleni njengasehlane.

10. Wabasindisa esandleni sababazondayo,wabakhulula esandleni sesitha.

11. Amanzi asibekela izitha zabo;akwasala noyedwa kubo.

12. Khona bakholwa ngamazwi akhe,bahlabelela udumo lwakhe.

13. Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe,abalindelanga isiluleko sakhe.

14. Bahaha nokuhaha ehlane,bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.

Amahubo 106