Amahubo 106:36-47 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. Bakhonza izithombe zabo,zaba lugibe kubo.

37. Amadodana namadodakazi abobawahlabela amademoni.

38. Bachitha igazi elingenacala,igazi lamadodana abo namadodakazi aboabawahlabela izithombe zaseKhanani;izwe langcoliswa yigazi.

39. Bangcola kanjalo ngemisebenzi yabo,baphinga ezenzweni zabo.

40. Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe;ifa lakhe laba yisinengiso kuye.

41. Wabanikela esandleni sabezizwe;ababazondayo bababusa.

42. Izitha zabo zabacindezela,bathotshiswa phansi kwesandla sazo.

43. Kaningi wabakhulula;kepha bahlubuka ngecebo labo,bawiswa phansi ngobubi babo.

44. Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo,esezwile ukukhala kwabo.

45. Wabakhumbulela isivumelwano sakhe;waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.

46. Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke ababebathumbile.

47. Sisindise, Jehova Nkulunkulu wethu,sibuthe kwabezizweukuba sidumise igama lakho elingcwele,sethabe ekukudumiseni.

Amahubo 106