31. lokhu wakubalelwa njengokulungaezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade.
32. Bamcunula ngasemanzini aseMeriba;kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.
33. Ngokuba baphambana noMoya wakhe;wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.
34. Abababhubhisanga abantuuJehova abayaleza ngabo,
35. kepha bahlangana nabezizwe,bafunda imisebenzi yabo.
36. Bakhonza izithombe zabo,zaba lugibe kubo.
37. Amadodana namadodakazi abobawahlabela amademoni.
38. Bachitha igazi elingenacala,igazi lamadodana abo namadodakazi aboabawahlabela izithombe zaseKhanani;izwe langcoliswa yigazi.
39. Bangcola kanjalo ngemisebenzi yabo,baphinga ezenzweni zabo.
40. Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe;ifa lakhe laba yisinengiso kuye.
41. Wabanikela esandleni sabezizwe;ababazondayo bababusa.
42. Izitha zabo zabacindezela,bathotshiswa phansi kwesandla sazo.
43. Kaningi wabakhulula;kepha bahlubuka ngecebo labo,bawiswa phansi ngobubi babo.
44. Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo,esezwile ukukhala kwabo.
45. Wabakhumbulela isivumelwano sakhe;waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.
46. Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke ababebathumbile.
47. Sisindise, Jehova Nkulunkulu wethu,sibuthe kwabezizweukuba sidumise igama lakho elingcwele,sethabe ekukudumiseni.
48. Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyelikusukela phakade kuze kube phakade.Abantu bonke mabathi: “Amen.”Haleluya!