24. Badelela izwe elihle,babengakholwa yizwi lakhe.
25. Bakhonona besematendeni abo;babengalaleli izwi likaJehova.
26. Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakuboukuba abawise ehlane,
27. awise nenzalo yabo phakathi kwabezizwe,abahlakaze emazweni.
28. Bazihlanganisa noBali Peyori,badla okuhlatshelwe abafileyo.
29. Bamcunula ngezenzo zabo;kwabhoboka isifo phakathi kwabo.
30. Wayesesuka uFinehasi, wahlulela;saphela isifo;
31. lokhu wakubalelwa njengokulungaezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade.
32. Bamcunula ngasemanzini aseMeriba;kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.
33. Ngokuba baphambana noMoya wakhe;wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.
34. Abababhubhisanga abantuuJehova abayaleza ngabo,
35. kepha bahlangana nabezizwe,bafunda imisebenzi yabo.
36. Bakhonza izithombe zabo,zaba lugibe kubo.