Amahubo 106:21-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi waboowayezenzile izinto ezinkulu eGibithe,

22. izimangaliso ezweni likaHamunokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.

23. Wathi ubezakubabhubhisa,uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela,ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.

24. Badelela izwe elihle,babengakholwa yizwi lakhe.

25. Bakhonona besematendeni abo;babengalaleli izwi likaJehova.

26. Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakuboukuba abawise ehlane,

27. awise nenzalo yabo phakathi kwabezizwe,abahlakaze emazweni.

28. Bazihlanganisa noBali Peyori,badla okuhlatshelwe abafileyo.

29. Bamcunula ngezenzo zabo;kwabhoboka isifo phakathi kwabo.

30. Wayesesuka uFinehasi, wahlulela;saphela isifo;

31. lokhu wakubalelwa njengokulungaezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade.

32. Bamcunula ngasemanzini aseMeriba;kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.

33. Ngokuba baphambana noMoya wakhe;wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.

34. Abababhubhisanga abantuuJehova abayaleza ngabo,

35. kepha bahlangana nabezizwe,bafunda imisebenzi yabo.

36. Bakhonza izithombe zabo,zaba lugibe kubo.

37. Amadodana namadodakazi abobawahlabela amademoni.

38. Bachitha igazi elingenacala,igazi lamadodana abo namadodakazi aboabawahlabela izithombe zaseKhanani;izwe langcoliswa yigazi.

Amahubo 106