Amahubo 106:15-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Wabanika abakufisayo,kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo.

16. Baba nomhawu ngoMose ekamu,*nango-Aroni ongcwele kaJehova.

17. Umhlaba wavuleka,wamgwinya uDathani,wagqiba iviyo lika-Abiramu.

18. Kokheleka umlilo eviyweni labo;ilangabi lashisa laqeda ababi.

19. Benza ithole eHorebe;bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.

20. Baguqula kanjalo inkazimulo yabo,yaba njengenkabi edla utshani.

Amahubo 106