Amahubo 106:11-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Amanzi asibekela izitha zabo;akwasala noyedwa kubo.

12. Khona bakholwa ngamazwi akhe,bahlabelela udumo lwakhe.

13. Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe,abalindelanga isiluleko sakhe.

14. Bahaha nokuhaha ehlane,bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.

15. Wabanika abakufisayo,kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo.

16. Baba nomhawu ngoMose ekamu,*nango-Aroni ongcwele kaJehova.

17. Umhlaba wavuleka,wamgwinya uDathani,wagqiba iviyo lika-Abiramu.

18. Kokheleka umlilo eviyweni labo;ilangabi lashisa laqeda ababi.

19. Benza ithole eHorebe;bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.

20. Baguqula kanjalo inkazimulo yabo,yaba njengenkabi edla utshani.

21. Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi waboowayezenzile izinto ezinkulu eGibithe,

22. izimangaliso ezweni likaHamunokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.

23. Wathi ubezakubabhubhisa,uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela,ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.

24. Badelela izwe elihle,babengakholwa yizwi lakhe.

Amahubo 106