Amahubo 105:9-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. avumelana kuso no-Abrahama,nesifungo sakhe ku-Isaka;

10. wasiqinisa kuJakobe,saba ngumthetho,naku-Israyeli, saba yisivumelwano esiphakade,

11. ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhananilibe yisabelo sefa lakho,”

12. lapho babe yingcosana ngomumo,yebo, lapho babe yingcosana,futhi babe yizihambi kulo.

13. Bazulazula ezizweni ngezizwe,besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu.

14. Akavumelanga muntu ukubahlupha,wajezisa amakhosi ngenxa yabo,

15. ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami,ningoni abaprofethi bami.”

16. Futhi wathuma indlala phezu kwezwe,walwaphula uzime lwesinkwa.

17. Wathuma indoda phambi kwabo:uJosefa wathengiswa abe yisigqila.

18. Balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga,waboshwa ngensimbi.

19. Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe,izwi likaJehova lamhola.

20. Inkosi yathuma yamthukulula,umbusi wabantu wamkhulula.

21. Wamenza umphathi wendlu yakhenenduna yezinto zakhe zonke,

22. ukuze abophe izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe,afundise amalunga akhe ukuhlakanipha.

23. U-Israyeli wayesefika eGibithe,uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.

24. Wandisa kakhulu abantu bakhe;wabenza babe namandla kunezitha zabo.

25. Wayiguqula inhliziyo yabo ukuba bazonde abantu bakhe,baphathe izinceku zakhe ngobuqili.

26. Wathuma uMose inceku yakhe,u-Aroni abemkhethile.

Amahubo 105