Amahubo 105:35-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. Zona zadla imifino yonke yezwe lakubo,zaqothula nezithelo zomhlabathi wabo.

36. Washaya namazibulo onke ezweni lakubo,okokuqala kwamandla abo.

37. Wayesebakhipha benesiliva negolide,kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.

38. IGibithe lajabula ekuphumeni kwabo,ngokuba ukwesaba kwabehlela.

39. Wendlala ifu lokubasibekela,nomlilo wokukhanyisa ebusuku.

40. Bacela, waletha izigwaca,wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.

41. Wavula idwala,kwampompoza amanzi,agobhoza emahlane njengomfula.

42. Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcweleno-Abrahama inceku yakhe.

Amahubo 105