Amahubo 105:32-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Wabanika isichotho saba yimvula yabo,amalangabi omlilo ezweni labo.

33. Washaya nemivini yabo nemikhiwane yabo;waphula imithi yasezweni labo.

34. Wakhuluma, kwavela isikhonyanenezinkumbi ezingenakubalwa.

35. Zona zadla imifino yonke yezwe lakubo,zaqothula nezithelo zomhlabathi wabo.

36. Washaya namazibulo onke ezweni lakubo,okokuqala kwamandla abo.

37. Wayesebakhipha benesiliva negolide,kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.

38. IGibithe lajabula ekuphumeni kwabo,ngokuba ukwesaba kwabehlela.

39. Wendlala ifu lokubasibekela,nomlilo wokukhanyisa ebusuku.

40. Bacela, waletha izigwaca,wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.

41. Wavula idwala,kwampompoza amanzi,agobhoza emahlane njengomfula.

42. Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcweleno-Abrahama inceku yakhe.

43. Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula,abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza.

44. Wabapha amazwe abezizwe,badla isithelo somsebenzi wabantu

Amahubo 105