Amahubo 105:27-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Benza phakathi kwabo izibonakaliso zakhenezimangaliso ezweni likaHamu.

28. Wathuma ubumnyama,wenza kwaba mnyama,kepha baphambana namazwi akhe.

29. Waphendula amanzi abo aba yigazi;wabhubhisa izinhlanzi zabo.

30. Izwe labo lagcwala amaselenasezindlini zamakhosi abo.

31. Wakhuluma, kwavela izibawunezinsensane eminceleni yabo yonke.

32. Wabanika isichotho saba yimvula yabo,amalangabi omlilo ezweni labo.

33. Washaya nemivini yabo nemikhiwane yabo;waphula imithi yasezweni labo.

34. Wakhuluma, kwavela isikhonyanenezinkumbi ezingenakubalwa.

35. Zona zadla imifino yonke yezwe lakubo,zaqothula nezithelo zomhlabathi wabo.

36. Washaya namazibulo onke ezweni lakubo,okokuqala kwamandla abo.

37. Wayesebakhipha benesiliva negolide,kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.

Amahubo 105